Lomsebenzi uchaza indlela yokuthatha izinyathelo nokuqalisa uhlelo lokulamulela noma lokuvikela ukuhlukubezwa kwabantu abadala. Kunezindlela ezehlukahlukene zokuhlukubezeka abantu abadala bazithola bebhekene nazo.
Ukuhlukubezeka okuthintana nomzimba: Noma ngayisiphi isenzo esinomphumela wokulimala noma ukufa komuntu omdala. Njengokumshaya ngampama, ukushaya nangenqindi, ukumshova, ukuphatha nje ngokudlubulundela, ukumsika ngomese, ukusebenzisa amakhemikhali noma indluzula ukumvimbela ukuthi enze utho, ukusebenzisa imithi engeyona noma eyeqile, noma ngayisiphi isenzo esibanga ukulimala, ukungaphatheki kahle komzimba, ukumphuzisa amaphilisi amlalisayo noma abanga ukufa.
Ukuhlukubezeka ngokwecansi: Noma ngayisiphi isenzo esinomphumela wokusebenzisa umuntu omdala abe yisigcila socansi noma ukuzithokozisa ngokwecansi ngomuntu omdala ngaphandle kolwazi lwakhe, nokuqondisisa kwakhe noma imvume yakhe.
Ukuhlukubezeka ngokwenqondo, ngemizwa noma ngezinkulumo: Indlela ephindaphidiweyo yokuphatha umuntu omdala kabi, ngehlazo okubangela ukuthi inqondo yomuntu omdala ingasebenzi kahle nomoya wakhe uphatheke kabi akhathazeke. Njengokumkhumbisa ukungamukeleki, ukumkhipha inyumbazana, ukumqindezela okuthile, ukumcisha uthando, nokuthuthuka kwenqondo, ukumbiza ngamaganyana angathokozisi, ukumenza inhlekisa, ukumethwesa amaqadlana angasile nokuhlala ubheke okuthile kuyena.
Ukuhlukubezeka ngasezimalini noma ukunqhaphaza ngezomnotho: Ukusebenzisa imali yomuntu omdalla yegranti, impahla yakhe, izinto zakhe azikhonzile noma imali yakhe ngokungekho emthethweni nome ngaphandle kwemvumo yakhe nolwazi lwakhe ukuthi kuzokwenzekani noma anganeliswa yilesenzo.
Ukungamkhathaleli: ukungamnakekeli ungamnikezi izidingo ezibalulekile ezigcina umzimba nenqondo. Njengokumncisha ukudla, ukuthokomala indawo yokuhlala izimpahla zokwembhatha, imithi yokwelapha, ukungamngcini ajabulile anomdlandla azikhathalele.
Ukumncisha amalungelo oluntu : Ukumephuca umuntu omdala, amalungelo oluntu njengokumnikeza inhlonipho, isithunzi sakhe, ukumnikeza ingasese lakhe ukumvumela azicabangele akufunayo akholwe akufunayo, abeke umbono wakhe, azikhulumele ngomlomo wakhe ngendlela ayithandayo aye lapho afuna ukuya khona. Njengobuthakathi loku kunomphumela wokuthi babizwe ngokuthi bangabathakathi, bakhishwe inyumbazana, balinyazwe noma babulawe.
Noma ngangubani obona ukungakhathalelwa komuntu omdala noma ukugcilazwa kwakhe noma ukungaphathwa kahle komuntu omdala, noma umuntu onesizathu sokusola ukuthi lenzizinto ezibaliwe ziyenzeka noma sezenzekile.
Uma umuntu obikayo angunonhlalakahle ovele asebenza ngazo lezindaba, kumele aqhubeke nophenyo anikeze umbiko obhaliwe ophelele kwihhovisi lentuthuko lezenhlalakahle angakapheli amaviki amane.
Uma umuntu obikayo angeyena unonhlalakahle, kungumsebenzi womphathi omkhulu wononhlalakahle wehhovisi lentuthuko lezenhlalakahle ukuthi anikeze umuntu ofanele ukuthienze lomsebenzi alindele umbiko angakapheli amaviki amane.
Uma ukuhlukubeza kuphathelene nekhaya labadala, noma inhlangano okungeyona kahulumeni, noma inhlangano yomphakathi, unonhlalakahle kwelinye ihhovisi elikhweshelene naleyondawo kumele asebenze loludaba.
Uma isimo kungesona esichazwa lapha ngaphezulu, thola isifiso somuntu ohlukubezwayo. Ungqongqoshe wentuthuko kwezenhlalakahle, noma ilungu likhansela enkulu kumele ligunyaze omunye umuntu ukuthi alekelele.
Amafomu atholakala ehhovisi lentuthuko kwezenhlalakahle eliseduze nawe.
